Izinkonzo zokuhlenga zinikezwa abant abakhubazekile ukuze bakwazi ukuzisiza ukufinyelela izinga lokuthi bakwazi ukusebenza ngendlela okungafinyeleleka kuyo.
Izinkonzo zokuhlela zeprayimari ngezezinkonzo zokuvimbela ezakha ikhono leklayenti ukuthi ikwazi ukuzenzela. Lokhu kubandakanya i-therapeutic counselling , izinkonzo zokunakekelwa emakhaya, amaqembu ezosekelo kanye nokuthi abantu bakwazi ukuzenzela, ukuqwashisa ngolwazi kanye nezinhlelo zokumela nokugqugquzelela.
Uhlengo lwezinga lesekondari, nguhlelo lwezinga lasekuqaleni lokungenelela okwenziwa izinhlelo ezingenisa imali, kanye namaprojekthi ezokuphungula inhlupheko, ukuthuthukiswa kwezinsana ezincane kanye nezinkonzo zokuphumula kancane ebunzimeni.
Vakashela endaweni eseduzane nawe yonakekelo lwezempilo noma ikliniki ecubungulayo , kanti khona uzothunyelwa endaweni yohlengo esibhedlela noma kwenye indawo yohlengo lwesiphesheli, lwesekondari noma lwezinga le-tertiary.
Kungathatha cishe izinyanga ezingu-3 ukubhekana nesicelo sakho. Kwezinye izindawo, abantu bafakelwa kuhla lokulinda izinyanga ezingu-6.
Kwezinye izimo, imali yosizo lukahulumeni kwabakhuzekile efinyelela ku-75% ithathwa njengengxenye yezindleko. Ezinye izindleko zibekwa ngamafasilithi ngokwawo. Amanye amafasilithi akala izindleko ngokuya ngalokho umndeni ongakwazi ukukukhokhela. Zonke lezi zindleko zihlukile kuye ngesifundazwe.
Amafomu esicelo okumele agcwaliswe abekwa yisikhungo sohlengo , noma isikhungo sezemilo sonakekelo lweprayimari.
